Uhulumeni uqalise ngohlelo lokusabalalisa izishuqulu zokudla emindenini empofu kakhulu.
Malini echithwa nguHulumeni ngohlelo lokudla?
Kunemali elinganiselwa ezigidini ezingama-R230 kulo nyaka eseyabiwe nguHulumeni ukuze isize imindeni engama-200 000 eyehlulekayo ukuthola ukudla okunempilo nephila ngaphansi kwesimo sobuphofu obuxakile. Lokhu kubandakanya imindeni esingethwe yizingane.
Kunamuhla, sekunemindeni eyi-12 000 esihlomulile kulolu hlelo. Eminye imindeni izohlomula ohlelweni oluzoqala ngo-Mashi we-2003.
Ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi iyakwazi ukufinyelela ekudleni okunomsoco okuthakwe ngamavithamini nezakhamzimba (ukuqinisa ukudla).
Iminyango yeNtuthuko yeNhlalonhle, eyezoLimo, eyezeMpilo, eyezeMfundo, Uhlelo lukaHulumeni Lokulondoloza Ulwazi nokuXhumana (GCIS), Isikhungo seNtuthuko kaZwelonke, Ingosi yeNtuthuko Ezimmele ihlanganyele nezinhlangano zenkolo, izinyunyana zabasebenzi, imboni yamabhizinisi, Izinhlangano Ezingaxhumene noHulumeni ukuqinisekisa ukuthi imindeni empofu inakho ukudla.
Simunye - Masinikele ngokudla!
